African Emancipation Students Movement - Afri-ESM

African Emancipation Students Movement - Afri-ESM We are About Empowering Afrikans. Afri-ESM is strictly about radical transformation of black students life, from academic, financial to social life.

We strive for excellence, umuntu & mili

Ukuthula wakwande!Ingosi ethi "Kuba mnyama kakhulu uma sekuzokusa"  izishaya amakhanda zonke izingosi engizibhalile kuzo...
20/06/2024

Ukuthula wakwande!

Ingosi ethi "Kuba mnyama kakhulu uma sekuzokusa" izishaya amakhanda zonke izingosi engizibhalile kuzo namhlanje. Isifundwe abafundi abavile kumakhulu amabili kusukela yosicilelwa ngowezi 9 kuMasingana 2024.

Lezindaba zikhombisa ukuthi isizwe sakithi siyathakasela ukufunda ngemithetho nemichazamvelo (laws of nature , science) ngolumi lweSintu. Lokhu kukhombisa ukuthi kungamampunge ukuthi izimfundo le-Science ne-Mathematics akulula ukuzibhala nokuzifundisa ngezilimi zabomda.

Makwande ukukhanya!

Kuba mnyama kakhulu uma sekuzokusa! Lesisisho sivamise ukusetshenziswa uma kugqugquzelwa umuntu (abantu) ukuthi angalilahli ithemba sekuseduze empumelelweni. Ukukhula kobunzima besimo asuke ebhekene…

03/06/2024

Thoughts on South Africa's democratic Future. Which option below best describes how you are feeling?:

1. South Africa's democracy is under threat with the envisaged Coalition Government

2. South Africa's democracy is advancing with the envisaged Coalition Government.

3. We are heading back to Apartheid if the ANC gets into a coalition government with the DA

4. The ANC-DA coalition government might improve accountability in national governance.

Asibingelele, Ngomsombuluko,  8 Mbasa 2024, kuzoba khona ukufiphela kweLanga kwingxele yomhlaba yalamazwe : Mexico, Nort...
05/04/2024

Asibingelele,

Ngomsombuluko, 8 Mbasa 2024, kuzoba khona ukufiphela kweLanga kwingxele yomhlaba yalamazwe : Mexico, North America & Canada.

Uma ufisa ukwazi ukuthi lesisimo sokufiphela kweLanga sidalwa yini, chofa i-link engazansi:

Ngabe ubuwazi yini ukuthi kusasa ingxenye yelanga izobe ifiphele kwezinye zezingxenye zomhlaba? Yebo kujalo. Kusasa zizobeziwu 14 izinsuku…

Ukukhanya makwande ✨✨✨,Kulengosi sijula ngomlando wesishomo " Centauri", ihhashimuntu "Chiron". Kulesishomo kukhona inka...
21/02/2024

Ukukhanya makwande ✨✨✨,

Kulengosi sijula ngomlando wesishomo " Centauri", ihhashimuntu "Chiron". Kulesishomo kukhona inkanyezi eseduze neLanga kunazo zonke
Inkanyezi, Alpha Centauri, Inkonjane.

Chofa i-link engenzansi ukufunda lengosi.

Isishomo “Centaur” siqukathe izinkanyezi ezingamakhulu amabili namashumi ayisishangalombili nanye ezibonakala ngamehlo ebusuku. Lesishomo…

26/01/2024
Ukufiphela Kwengxeye yeLanga - Annular  Solar  Eclipse Ngabe ubuwazi yini ukuthi kusasa ingxenye yelanga izobe ifiphele ...
13/10/2023

Ukufiphela Kwengxeye yeLanga - Annular Solar Eclipse

Ngabe ubuwazi yini ukuthi kusasa ingxenye yelanga izobe ifiphele kwezinye zezingxenye zomhlaba? Yebo kujalo. Kusasa zizobeziwu 14 izinsuku kwinyanga kaMfumfu, kuzobekuqala inyanga entsha etsha onyakeni omusha.

Pho ke ukufiphela kwelanga kuzabe kudalwa yini pho? Ngabe kona ukufiphela kwelanga kunamthelela muni empilweni yami njengomuntu ophila emhlabeni? Kulengosi sizophendula lemibuzo siphinde sibheke ukuthi njenganabantu bakaMoya singasisebenzisa kanjani lesehlakalo ekuthuthukiseni impilo zethu.

Inyanga izungeza umhlaba Lo wethu, lokho kuzungeza kuthatha izinsuku ezilinganiselwa kweziwu-29 nefalakahlana yamahora. Zine izigaba inyanga edlula kuzo ngenkathi izungeza umhlaba. Kulengosi sizobheka isigaba sokuqala kuphela nya!

Lokuguquka kwesimo senyanga kudalwa ubundlwelwa bokuma emkthathini phakathi kwelanga, umhlaba nenyanga ngenkathi inyanga izungeza umhlaba. Kulokuzungeza kwenyanga, kubakhona inkathi lapho inyanga ubukaka ifulathele ilanga ngokokubuka kwethu la emhlabeni, lesi isigaba sokuqala. Kulesigaba ilanga, inyanga nomhlaba kusuke kushaya ujenga kusemgqeni oqondile. Inyanga isuke iphakathi nelanga nomhlaba.

Uma kwenzakalile ukuthi ukuma kwelanga, inyanya nomhlaba kwaqonda ncimisi, kubakhona ukufiphela kwelanga okuthatha imizuzu engevule kwamashu. Lesehlakalo senza kubekhona umunyama kwezinye. izingxenye zomhlaba. Lesehlakalo sibizwa ngokuthi "Solar Eclipse" ngolimi lwelingisi kodwa kusasa kuzobe kune "Annular Eclipse" . Lokho kusho ukuthi ukufiphela kwelanga kuzobe kungaphelele, ilanga lizobukaka liyiyinge esimunyama maphakathi, njengandandatho yegolide ebekwe ephepheni elimunyama.

Izindawo ezizokwazi ukubana lesihlakalo ilezi:South America, Brazil, North America. Bona isithombe esinamathelisiwe.

Ziningi izinkolela abantu abazo ngalesehlakalo. Kulengosi sizobheka ukuthi ukufiphala kwelanga kusho ukuthi uma sikubuka ngeso likaMoya.

Ngokwesintu ukuflathelwa umuntu lokho sibuka njengento engenyinhle futhi edala umkhokha omubi. Uma isimo sempilo singahambi kahle empilweni namaphupho ekufakazela lokho, lezozimo zisuke zibikezela ukuthi kunethunzi elimnyama elikwekhungethe.

Kuvamisile ukuthi uthole umuntu ovamise ukwenzekelwa into engenyinhle ngezikhathi ezithizeni zonyaka. Utho ukuthi useyazi ukuthi njalo ngozibandlela uzobasesimeni esingesihle, mhlawumbe uzolahleka okuthi okuyigugu kunye njenganomakhalekhukhwini wakhe.

Kuphinde kube neminye imindeni ozothola ukuthi njalo ngenkathi ethizeni onyakeni kuzoba khona into engenyinhle ezokwehlekela omunye wamalunga omndeni, mhlawumbe kukhona ozoba sengozi njalo ngezikhathi sokhisimuzi. Uthole ukuthi lesosimo sesiwukhondolo lalowomndeni okanye lowomuntu thizeni.

Kwenziwayini lokho na? Ngokobuka isimo, singathi kukhona ifindo eluliseke libophekile emkhathini nesenkathini yakaMoya. Okwenza ukuthi njalo uma kukuleyonkathi kuvuke lowoMoya, ofune ukuziphinda.

Lokhu kusifundisa ukuthi uma kunesehlakalo ngenkathi (emkhathini) ethizeni, kwelakaMoya kuba nesimo sefindo elibophekayo. Lesosimo sinako ukuziphindaphinda njalo ngaleyonkathi. Ingakho kunezinto ezingenziwa ngezikhathi ezithize ngoba zidala umkhokha omubi. Isibonelo, ukuba uvanzi kube kusifo ekhaya, lokho kwenza ukuthi udlile ngokubi, kunefindo eliphokayo.

Kwisintu uma kunesehlakalo esiziphindindayo emndenini esingesihle, lokho sithi kusuke kukhona ukhondolo olungeluhle okanye kunomkhakho okumele uvalwe kulowo mndeni.

Manje ke ukufiphala kwelanga kuhlanganaphi nomkhokha nokhondolo? Ukufiphela kwelanga kusikhumbuza ukuthi kunezehlakalo ezingezinhle empilweni ezidamana ekwenzeka njalo ngezinkathi ezithize.
Ngokusoba, uma inyanga ingasitha ilanga ingunaphakade kungenzakani emhlabeni? Usizi lodwa: izintshalo ngenga, imvula ngeke isana, indlala ukufa nomnyama buyobegubazele umhlaba. Lesehlakalo siwumkhokha ongemuhle. Ngakho ke, siyambonga uMveligqangi ukuthi esimo esinjalo esisehlekeli kodwa kuba ukufiphala kwelanga imizuzu emibalwa beseliyabuya ilanga.

Ngakho ke ukufikuphela kwelanga imizuzu liphinde livele likhanye bha! Lokho kuyisifundo sokuthi yize kunomkhakho nomakhondolo olungeluhle kodwa luyadlula. Futhi nanoma ngabe yiliphi ifindo eliphophekile kodwa lingaqaqeka.

Ngakho ke lenkathi idinga ukuthi sizothe besesiyajula, sixhuse uMveligqangi nomaThonga ukuthi basiphe ubuhlakani bokuqaqa omafindo nezibopho ezisempilweni zethu.

Kulenkathi, nanjalo uma kuqala inyanga, kumele ube sesibeni sokuzotho ukuze uzozindla ngezinto ezinhle empilweni yakho. Akukuhle ukuba ube luvanzi ngale ngankathi. Lesi isikhathi sokuqhashula amafindo nemikhuba emibi, phecelezi time to break bad habits.

Isikhathi sokuzihlambulula emoyeni, ukhande amacebo abasha empilweni yakho. Isikhathi sokuqala izinto ezinhle ezizokuthuthukisa wena nomndeni wakho kanye nesizwe sonkana.

Ukukhanya kwaphakade makwande!

Amitaba!

Aah Ausar

Aah Mvuseleli

Aah Mwelisa

06/10/2023
Mystery of star lightDid you know that if Sun were to disappear it will take us 8 minutes to 'see' that? 21st century de...
15/07/2023

Mystery of star light

Did you know that if Sun were to disappear it will take us 8 minutes to 'see' that? 21st century debates of nature of light, and therefore it's speed were settled by Maxwell, and Einstein, experimentists Michelson and Morley.

It a well established fact that light has dual nature, particle nature (photoelectric effect) and wave nature via electromagnetic phenomenon.

Even more interesting, light is has finite speed and there is no ordinary matter that can travel faster than the speed of light according to demands of special relativity of Einstein.

Light travel at 300 million- meter per second in vacuum, and little slow in water, air and glass. We also that the distance between us, Earth and Sun, is about 150 million kilometres. Lets calculate time light takes to cover this distance:

Time = distance/speed = (150 000 million-meter)/ (300 million-meter/Second) = 500 seconds,

and in minutes is 8.3.

Comments:

There is on an 8 minutes delay of light from us and Sun, and that means if go outside and see the Sun, in actuality you are looking at the Sun in 8 minutes ago. You're looking at the past, past gives light to present 😊🤔🫠.

The Sun is not the only light giving entity in the observable Universe, stars and planets do to. The closest star to us is Proxima Centauri , about 4 light-years away.

Using light, we derive a new measure of distances, called light- year, a distance light cover in a single Earth year:

Distance= (speed of light)x (year in seconds)
= (300 million-meter/second)x( 31 557 600 seconds)
= 9, 000 000 000 000 000 meters
= 9 thousand trillion-meters., Huge distance, astronomical 🤣🤣🤣,

Back to light, light from Proxima Centauri take 4 years to reach us. Alpha Centauri and Proxima Centauri arising at 7 AM at the South, near South Pole, if there were brighter than the Sun will see they light that was radiated in 2020.

Any star you see tonight, you will be look at them at least 4 years ago, some 8 years like Sirius stars, and serious thousands and even billion of years.

What is the limits? The horizon of light that we will ever received is called observable Universe. That lights has take about few billion years to reach us. Amazing☀️

Image credit: James Webb Space Telescope, Rho Ophuichi Nebula

Address

Africanesm@gmail. Com
Durban

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when African Emancipation Students Movement - Afri-ESM posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to African Emancipation Students Movement - Afri-ESM:

Share